Ukungenisa imithi yokugonya ebhalisiwe ukusetshenziselwa izilwane, kumele ube nemvume yokungenisa impahla ebuya kwabe-Directorate Animal Health. Izimvume zokungenisa impahla zibekelwe umkhawulo wesikhathi esithize, kanye nokungeniswa kanye.
Udinga nemvume yokungenisa impahla ebuya kwabe-Directorate Animal Health yemithi yogonya ukuze ingene ezweni. Banikeza lemvume kanye kuphela, lapho usuthole isigunyaziso esivela kwabomkhandlu wolawulo lwemithi abe-Medicines Control Council, kanti futhi ngokuveza ubufakazi balokho kubo. Kulesi simo esinjena, umuthi wogonyo ongarejistiwe ungathengiswa isikhathi esithize kuphela, kuze kufinyelele isikhathi lapho usurejistiwe.
ubungakanani igama loMkhiqizo umxubo noma isithako , ezibandakanya ukujula nomkhawulo walezo zithako izwe umuthi obuya kulo abenzi bomuthi inombolo ye-batch yalowo muthi ongeniswayo i-technical data sheet noma ilebuli , enenombolo yobhaliso yenhlangano egunyazisiwe ebhekene naleyo mithi kulelo lizwe obuya kulo, lapho leyo-product erejistwe khona ichweba noma indawo engena kulo ukuthi ngabe leyo-product idingeka nini incazelo yokuthi lo muthi uzosetshenziselwa ukulinga ukuze urejistwe njengesitokwe semithi isimo sobhaliso lwawo kwezinye izindawo imininingwane ye-Trial Protocol , okubandakanya ukuthi ngabe kulindeleke ukuthi uzoqala ngaluphi usuku, isibonelelo esiyisipesheli sokuthi ngabe kuzokwenzekani ngokudla okuvela kuzilwane ezenza ukudla kanye nokuthi abanikazi bomuthi bachaza ngokufanele ngomuthi.
Sicela wenze isicelo se-veterinary import permit okungenani amaviki ayisithupha ngaphambi kwesikhathi sokungenisa lokho ohlongoza ukukungenisa. Uma abe-state veterinarian sebevumele isicelo, kuthatha izinsuku ezimbili ukuya kwezintathu zokusebenza ukuthi ihhovisi lezimvume libhekane nesicelo nokunikeza imvume.
